I-EFF ihlehlise eyokungabathembi ubuholi bukaZuma

2018-02-14 12:31

Cape Town - I-EFF isihlehlise izinhlelo zokufaka isicelo esiphuthumayo enkantolo mayelana nodaba lokungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma kulandela izingxoxo nekhokhasi ye-ANC ePhalamende.

I-EFF ibifuna lusondezwe usuku lokudingida eyokungethenjwa kobuholi bukaZuma.

Umphakathi uzokwaziswa ngokushesha ngesinqumo uma lezi zingxoxo seziphothuliwe.

OLUNYE UDABA: Ezinye zezigemegeme ezingamahlazo ezibandakanya uZuma

Lesi siphakamiso se-EFF kulindeleke ukuba kudingidwe ngaso ngoLwesine oluzayo, mhlaka-22 Febhuwari.

Leli qembu libhale enkundleni yezokuxhumana uTwitter ngoLwesithathu ekuseni lathi likhulumisana nekhokhasi ye-ANC ePhalamende ngakho ngeke liqhubeke nesicelo salo sokuthi kusondezwe usuku.

Ngakolunye uhlangothi, ikhokhasi ingase inqume ukubeka uZuma icala okuchaza ukuthi uzobe engasakulungele ukuphatha.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...