I-EFF ifuna kudingidwe udaba lukaZuma, angakhulumi uMengameli

2017-02-09 16:00

Johannesburg - USomlomo wePhalamende, uBaleka Mbete, uvumile ukuthi uthole isicelo se-Economic Freedom Fighters sokuba iPhalamende ngoLwesine ebusuku lidingide udaba lokuthi ngabe uMengameli Jacob Zuma usafanele yini ukuqhoqhobala lesi sikhundla, kunokuba avunyelwe ethule inkulumo ebhekiswe ezweni.

USotshwebhu we-EFF, uFloyd Shivambu, uthi babhalele uMbete befaka isicelo sabo.

UShivambu uthi bazophinde bacele ukuba kudingidwe lolu daba ePhalamende, kodwa uSihlalo weNational Council of Provinces, uThandi Modise, uthi ngosuku lokwethulwa kwenkulumo ebhekiswe ezweni, akukho okunye okuvunyelwe ukuba kwenziwe ePhalamende.

OLUNYE UDABA: Kumiswe inhloko yoMnyango kukufa kweziguli

UShivambu uthi konke abazokwenza kuzobe kuhambisana nemithetho yePhalamende uma sekwethulwa inkulumo ebhekiswe esizweni.

“Sizosukuma sicele kuSomlomo ukuba kudingidwe udaba lukaMengameli nolwePhalamende. Ngisho naleli Phalamende lephula uMthethosisekelo.

"Akuyona imfihlo ukuthi esizokwenza kuzohambisana nemithetho yePhalamende njengenhlalayenza. Asiphazamisi.”

- SABC

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...