I-EFF ibenomhlangano neDA ne-ANC ngokusebenzisana

2016-08-08 14:31

Johannesburg - Okhulumela iqembu le-EFF, uMbuyiseni Ndlozi, uthi bahlangane neDemocratic Alliance (DA) kanye ne-African National Congress (ANC) ukudingida ngokusebenzisana komasipala okungekho qembu elinqobe khona ngamalengiso.

Izingxoxo zokusebenzisana phakathi kwamaqembu nemiphumela yazo zizohamba phambili kuleli sonto njengoba komasipala abangaphezu kwabangu-20 lingekho iqembu eliphumelele ngamalengiso.

Kulindeleke izingxoxo ezishubile kumasipala waseGoli nowaseTshwane.

Funda nalolu daba: Zibakhalele ababanjwe bedayisa ngekhanda lomuntu eThekwini

I-ANC ithole u-53.91% wamavoti ezweni lonke, nokuyisibalo esehle ngo-8% kwesango-2011, kubika iSABC.

I-DA yona ilale endaweni yesibili ngamavoti angaphezu kwangu-26%, i-EFF yalala endaweni yesithathu ngemuva kokuthola ngaphezu kuka-8%.  

Ekhuluma kwi-AM Live, uNdlozi uthe, “Ngingakuqinisekisa ukuthi sihlangane ne-ANC, neDA namanye amaqembu ezombusazwe.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...