I-DA yeseka isinyathelo sePhalamende sokuphikisa izincomo zikaMkhwebane

2017-06-23 12:28

Cape Town – Iqembu iDA lizokweseka isicelo sePhalamende sokuba kubuyekezwe izincomo zikaMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane zokuba kwenziwe izinguquko kwezinye zezigaba zoMthethosisekelo mayelana neSA Reserve Bank (SARB).

Lincoma isimemezelo sePhalamende sokuthi lizofaka isicelo sokuba izincomo zikaMkhwebane zithathwe njengezingekho emthethweni, ilungu leDA ePhalamende, uGlynnis Breytenbach, lithe iqembu lakhe likholelwa ukuthi uMkhwebane wenze okungaphezu kwamandla akhe.

"Izincomo ezibalulelwe uMkhwebane, ezihlanganisa nokwenziwa kwezinguquko kuMthethosisekelo mayelana neSouth African Reserve Bank (SARB), zingaphezu kwamandla kaMvikeli woMphakathi – yiPhalamende kuphela elinamandla okwenza izinguquko kuMthethosisekelo,” kusho uBreytenbach.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke avele enkantolo ummeli osolwa ngokudubula abasebenzi

UBreytenbach uthe izincomo zikaMvikeli woMphakathi zibenomthelela ongemuhle emandleni emali yakuleli kanti nezinhlangano eziklelisa amazwe ngokwamazinga omnotho nazo zizwakalise ukukhathazeka ngesiphakamiso sakhe.

Uphinde wagcizelela ukungamethembi kahle uMkhwebane ngokwenza umsebenzi kaMvikeli woMphakathi.

''Ngakho siyaseseka isinyathelo sePhalamende futhi sizoqhubeka nokwenza uphenyo ngezindlela ezizoqinisekisa ukuthi uMvikeli woMphakathi uwenza ngendlela umsebenzi wakhe.” 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...