I-DA izoma noZille esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe

2017-07-27 12:30

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) eWestern Cape izwakalise ukumethemba uNdunankulu uHelen Zille ngaphambi kokuphikisana ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe esiShayamthetho sesifundazwe.

I-African National Congress (ANC) eWestern Cape icele ukuba kuvotwe ngoJuni ngemuva kokumiswa kukaZille yiqembu lakhe kulandela ukuba encome eminye yemisebenzi eyenziwa wuhulumeni wobandlululo.

Ukumiswa kwakhe kwahoxiswa ngemuva kokuba exolisile, kodwa akavumelekile ukuba abeyingxenye yezinhlaka zeqembu ezithatha izinqumo.

OLUNYE UDABA: UMBONO: UZuma yena nimbeka nini amacala?

Esithangamini sabezindaba, uSihlalo wesigungu seDA uLorraine Botha uthe isiphakamiso se-ANC asinasisekelo.

Uthe balindele ukuba kudingidwe ngemisebenze emihle eyenzeke ngaphansi kobuholi bukaHelen Zille eWestern Cape.

UZille wavusa omkhulu umsindo ngesikhathi encoma uhulumeni wengcindezelo, ethi awenzanga okubi kuphela njengoba wasishiya nengqalasizinda esezingeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...