I-DA izobabela enkantolo ngokuqokwa kabusha kukaDudu Myeni

2016-09-04 17:30

Cape Town – Kumele asususwe esikhundleni sakhe sokuba ngusihlalo weSouth African Airways (SAA) uDudu Myeni kulandela ukuqokwa kwakhe kabusha kulesi sikhundla, kusho iDemocratic Alliance (DA) ngeSonto, ikahlala ngokuthi iSAA ibhekane nezinkinga kakhulu ngesikhathi ekulesi sikhundla phambilini.

I-DA izofuna inkantolo kube iyona egudluza uMyeni.

UMyeni ukuqokwa kwakhe kabusha kuqinisekiswe ngoLwesihlanu njengoba ezophinde ahlale omunye unyaka.

Funda nalolu daba: I-ANC ibulawa ukuzikhukhumeza - Mboweni

UJames Selfe weDA ukholelwa ukuthi isimemezelo esenziwe yiKhabhinethi singukubukela phansi abantu abafanelwe yilo msebenzi, abangakwazi ukuwenza kangcono.

Ngesikhathi uMyeni ekulesi sikhundla wehluleke kwaze kwakabili iminyaka ilandelana ukushicilela umbiko wezimali ze-SAA, le nkampani yaphinde yalahlekelwa yimali engaphezulu kuka-R4bn ngonyaka, ngokusho kwesitatimende seDA.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-31 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...