I-DA iyaphikisana nombono we-ANC wokukhuphula imali yokugibela amabhasi eThekwini

2017-04-04 11:05

Durban - Emhlanganweni wesigungu samakhansela kaMaspala waseThekwini obubanjwe ngesonto eledlule, lelidolobha eliholwa yi-ANC livumelane ngokukhuphula imali yokugibela amabhasi kamasipala ngo-8%, nakuba iDA ibizwakalisa ukungahambisani nalokhu.

IDemocratic Alliance imile ekutheni akwamukelekile ukuthi kuthiwe abahlali baseThekwini bakhokhe ngokwengeziwe bekhokhela ukugibela amabhasi anezinkinga futhi angekho esimweni.

Kusukela kuqale lo nyaka besilokhu sifuna uMasipala ucacise ngokuqhubekayo phakathi kwenkampani ebhekele ukusebenza kwalamabhasi uTansnat kanye neDurban Transport.

OLUNYE UDABA:Intukuthelo kunyuka amanani asePosini

Ngale mibuzo besiqonde ukuthola izimpendulo ngendaba yezimali eziyizikweletu phakathi komkhandlu kanye nenkampani uTansnat njengoba umphakathi kuze kube yimanje ufihlelwe okuqhubekayo.

Kuze kube yimanje akucaci ukuthi izimali ekuqashwa ngazo amabhasi sezikhokhiwe yini kanye nokuthi izinkinga ezibhekene noTansnat sezixazululekile yini. Sifuna ukwazi ukuthi ubani okweleta omunye, umukweleta malini? Futhi uzokhokha nini?

Umbuzo esiwubhekise kuloyo obambe njengeMenenja kaMasipala, uDumisile Nene, kanye nakwiNhloko yoMnyango wezokuThutha eThekwini, uThami, manyathi sihlose ngawo ukuthola ukuthi ngabe i-AFrican National Congress iyawakhokhela yini lama bhasi ehlale iwasebenzisa ukuthutha abalandeli bayo uma inemicimbi.

Angaphezulu kwekhulu amabhasi asetshenziswa ukuthutha abalandeli be-ANC ababeya eGoli emcimbini wayo I-ANC owaziwa nge January 8 statement.

Kuze kube yimanje loyo obambe njengemenenja kamaspala uyahluleka ukuveza ubufakazi bokuthi lama bhasi I-ANC yawakhokhela.

Yonke le mibuzo esihlale siyibuzwa ihlale ishaywa indiva nokuqubula imibuzo-ke yokuthi ngabe umphakathi waseThekwini uzosetshenziswa ukukhokha lezi zikweletu yini.

Ngaphezu kwakho konke lokhu, uhlelo lokuthutha lwamabhasi aseThekwini aluhambi kahle neze. Abahlali bakulelidolobha badinga amabhasi azohamba ngesikhathi esiyiso futhi asesimweni.

Amabhasi akhona manje afa njalo, abuye aphelelwe u-diesel nokugcina kuphoqa abagibeli ukuba basebenzise ezinye izinto zokuhamba, kanti lokho kuyabalimaza ephaketheni.

Sifuna ukugcizelela ukuthi akwamukelekile neze ukulindela abagibeli bamabhasi ukuba bakhokhe ngaphezulu kwalokhu abakukhokhayo manje.

I-DA izoqhubeka nokulwela ukuthi abantu bagibele ngemali engcono amabhasi. Lonke leli phutha lisezandleni ze ANC.

I-DA iphawule kanjalo esitatimendeni esithumele. 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...