I-DA ivulele icala iPhini likaNgqongqoshe weziMali

2017-12-07 18:01

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) ivulele icala iPhini likaNgqongqoshe weziMali uSfiso Buthelezi nalowo owayeyisikhulu kwaPrasa uLucky Montana eKapa ngokungaphathwa kahle kwezimali kwaPrasa.

Lokhu kulandela ukuputshuka kombiko kaMgcinimafa mayelana namathenda angu-193 akhishwa phakathi kuka-2012 no-2016.

UButhelezi wayengusihlalo webhodi lakwaPrasa ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe nephoyisa kwababoshwe ngawokubulala ehotsela

UMvikeli woMphakathi ngo-2015 wakhipha umbiko mayelana namathenda angabiza u-R10 million okumele kwenziwe uphenyo ngawo.

UManny de Freitas weDA uthi okuvela kulo mbiko ngophenyo lukaMgcinimafa ukuthi kunenkohlakalo kwaPrasa futhi nemithetho yabo abayilandeli.

Ngesikhathi usihlalo omusha wakwaPrasa, uTintswalo Makhubele, evele ePhalamende emasontweni edlule, wathi udinga isikhathi sokufundisisa umbiko ngaphambi kokuba akhulume ngawo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...