I-DA isisifakile isicelo sokuhlakazwa kwePhalamende

2018-02-14 14:01

Johannesburg – IDemocratic Alliance (DA) isisifakile isicelo sokuhlakazwa kwePhalamende, kusho iPhalamende ngoLwesithathu.

Esitatimendeni, esikhishwe yiPhini lilaSomlomo uLechesa Tsenoli, kuqinisekisiwe ukuthi ikomidi elibhekele izinhlelo zePhalamende lizoba nomhlangano ngoLwesine.

Kodwa uTsenoli (ngaphandle kokwenaba kabanzi) uthe lolu daba luzodingidwa kusasa noma ngelinye ilanga okuzohlangana ngalo ikomidi.

Ingcindezi ilokhu ikhule njalo kuMengameli Zuma ukuba ehle esikhundleni, njengoba ne-ANC ngoLwesibili ithathe isinqumo sokuba akasishiye isikhundla sakhe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abathathu oKlebe begasela emzini wakwaGupta

Umholi we-DA uMmusi Maimane phambilini ucele uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ukuba asondeze usuku lwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaZuma, kodwa uSomlomo wePhalamende ubengakaphenduli.

Khonamanjalo, i-ANC ithi ngoLwesihlanu kumele kube noMengameli omusha, nokusho ukuthi uma uZuma engehli esikhundleni namhlanje (ngoLwesithathu), ngoLwesine ifuna kudingidwe ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.

I-ANC isikubeke kwacaca vele ukuthi ifuna uRamaphosa athathe izintambo, kanti angase afungiswe ngoLwesine uma izinto zihamba ngokwezinhlelo zayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...