I-DA isabisa ngokuqeda umshado wayo ne-EFF

2017-09-01 18:01

eGoli - Ipqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) lisabisa ngokuhlukanisa ukubambisana kwabo ne-Economic Freedom Fighters uma izinkinga zabo zingaxazululeki.

Izinkinga phakathi kwala maqembu womabili zifinyelele kwesinye isigaba kuMasipala waseNelson Mandela Bay kanye nakuMasipala waseTshwane ngoLwesibili.

Kulabo masipala bobabili i-DA ibhekane yodwa ngesikhathi amalungu e-EFF engalubhadi emihlanganweni.

OLUNYE UDABA:‘Kugqabuke igoda’ kosaziwayo abesebethembisene umshado

Kumasipala waseMandela Bay, i-EFF ayizange ifike emhlanganweni wevoti lokugudluza iphini leMeya. Kube ngesifanayo eTshwane njengoba leli qembu lingafikanga nakhona kunomlangano woMkhandlu.

Ukungafiki kwe-EFF eTshwane kube kubi kakhulu ngoba namalungu e-ANC avele awulaxaza lo mhlangano, yasala yodwa-iDA.

Ikhuluma nabe-eNCA, iMeya kaMasipala waseTshwane, uSolly Msimango, ithe akusizi ukuhlala nabantu abangafuni ukusebenza.

Le Meya ithi okubaluleke kakhulu kubona wukuqhuba umsebenzi womphakathi, kanti lokho bazokwenza nabantu bazimisele ngokusebenza.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...