I-DA igxeke isenzo se-EFF ngokuhlaselwa kwezitolo zakwa-H&M

2018-01-14 14:03

Johannesburg - Isiitolo sakwa-H&M eSandton City sivulile namuhla ekuseni kwaqiniswa ezokuphepha kulandela ukuhlaselwa ababhikishi abamelene nokucwaswa ngokwebala ngoMgqibelo.

Amalungu e-Economic Freedom Fighjters (EFF) bagasele kulesi sitolo esiseSandton nakwezinye izindawo badala umonakalo kuzo ngesikhathi bebhikisha.

Lesi sitolo saseSweden sibesobishini ngemuva kokusabala kwesikhangiso saso esitshengisa ingane yomfana igqoke isikibha esinombhalo onokucwasa ofundeka kanje "Coolest Monkey in the Jungle", okusolwa ukuthi yiso esisuse udweshu.

OLUNYE UDABA:Siqashiwe isimo kulandela ukuhlaselwa kwezitolo zakwa-H&M eGoli

Ngemuva kwesitatimende sabakwa-H&M South Africa, isitolo esiseSandton City sivuliwe kanti azikho izigemegeme ezenzakalile ezifana nalezo zangoMgqibelo ekuseni.

Owezindaba zakwa-eNCA uLinokuhle Xulu, ubike bukhoma esenxanxathela yezitolo ukuthi kubonakale onogada ababalelwa kwabangu-20 kulesi sitolo.

La madoda abengaphakathi nangaphandle kwesitolo.

Umonakalo ubikwe eMenlyn Mall ePitolo nase-East Rand Mall eseBokburg, lapho amaphoyisa ahlakaze khona ababhikishi ngezinhlamvu zenjoloba.

Khonamanjalo iDemocratic Alliance ngeSonto isigxekile isenzo se-Economic Freedom Fighters (EFF) sodlame nokucekelwa phansi kwempahla yalesi sitolo eGauteng kulandela isikhangiso esonokucwasana.

"Nakuba sivumelana ngokuthi ayikho indawo yokucwasana ngebala eNingizimu Afrika, udlame nokucekela phansi impahla alufuneki," kusho okhulumela i-DA uRefiloe Nt'sekhe.

 - eNCA

- ABSA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...