I-DA ifuna kusule ‘isicashalala samaGupta’ uGigaba

2017-07-20 18:01

Johannesburg – Umholi weDemocratic Alliance, uMmusi Maimane, uhole imashi ebheke eHhovisi loMgcinimafa ePitoli ngoLwesine ekuseni, nalapho efike wethula khona incwadi enxusa ukuba kusule esikhundleni uNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba. 

Le mashi ilandela izinto eziningi esezitholakale embikweni eyehlukene yokulawulwa koMbuso (state capture), neveza izinsolo zokuthinteka kukaGigaba kanye nomndeni wakwaGupta ezinsolweni zokulawulwa koMbuso.

“Eminyakeni emithathu eyedlule, [uMengameli Jacob] Zuma kanye nabangani bakhe abakhohlakele bebelokhu befuna kabi okhiye boMgcinimafa kazwelonke, kanye nabesabelomali sezwe lethu sika-R1.4 trillion.

"Ngokuqokwa kwesicashalala sabakwaGupta, uMalusi Gigaba, abakhohlakele kanye nabasondelene nabo manje sebekwazi ukufinyelela ngokuphelele emalini yabantu. Kumele sivimbe ukutatshwa kanye nokuntshontshwa kwezinsiza zeNingizimu Afrika yilabo abafanelwe yijele, hhayi imisebenzi kahulumeni,” kusho i-DA.

OLUNYE UDABA:UNdunankulu uvikele abakwaGupta, uthi ayikho into ewukulawulwa koMbuso

I-DA isole uGigaba ngokuthi “akumlungele futhi akumfanele” ukuba uNgqongqoshe wezeziMali.

Ngemuva kokuqokwa kwakhe, izwe lehliselwa esigabeni esiphansi sokukleliswa kwezinga leminotho kanti nezinga lokuswelakala kwemisebenzi selifinyelele “ku-27.7% nokuyisigaba esiphansi kakhulu eminyakeni engu-14”.

I-DA iphinde yagxeka uGigaba, ngesikhathi esenguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya kusukela ngo-2014 kuya ku-2017, “ngokundlalela umata obomvu abakwaGupta, abasebenzi nabalingani bezamabhizinisi ukuze bathole ubuzwe kalula kanye nokufinyelela ezweni, ngokusheshisa inqwaba yezimvume zokuba kuleli (visa) ukuzuzisa amabhizinisi abakwaGupta njengoba ayethutha abasebenzi, abalingani kanye namalungu omndeni phakathi kweNingizimu Afrika, iNdiya kanye neDubai.”

Leli qembu libe selinxusa uGigaba ukuba amemezele ukusula kwakhe ngokushesha. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...