I-DA ibhalele uSomlomo wePhalamende ifuna kuhlehliswe i-SONA

2018-01-31 12:31

Cape Town - IDemocratic Alliance ifuna ukuba iNkulumo yeSizwe (SONA) okulindeleke ibengenyanga ezayo ihlehliswe ukuze iPhalamende lithole ithuba lokukhetha umengameli omusha waseNingizimu Afrika.

Esitatimendeni, umholi we-DA uMmusi Maimane uthe ubhalele incwadi uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete, emcela ukuba i-SONA yalo nyaka, ehlelelwe uLwesine lwangomhlaka 8 Febhuwari, ihlehliswe kuze kube uJacob Zuma uyakhishwa esikhundleni, nePhalamende linikezwe ithuba lokukhetha uMengameli omusha.

"Akuyona imfihlo ukuthi kunomdonsiswano ngaphakathi kwi-ANC nasezikhululwini eziphezulu kuhulumeni – abantu behlukene phakathi ngemigomo, imibono ngezikhundla nangezinhlelo okumele zilandelwe,” kusho uMaimane.

“Njengoba uCyril Ramaphosa enguMengameli we-ANC, uJacob Zuma esanguMengameli waseNingizimu Afrika, lokhu kushiya izwe lingazi ukuthi kulandelwa bani.

OLUNYE UDABA: Kulimale uNgongqoshe engozini yomgwaqo

Uthi ngeke kwabakuhle esizweni ukuba uMengameli Zuma ethule inkulumo ebhekiswe esizweni ekubeni kungaziwa ukuthi uzoqhubeka nokuba ngumengameli wezwe isikhathi esingakanani.

“Nakuba iNational Working Committee (NWC) ye-ANC icele ukuba uJacob Zuma akhishwe esikhundleni ngaphambi kwe-SONA, iphini likanobhala jikelele we-ANC uJessie Duarte, lithe uJacob Zuma akayindawo."

Ngokusho kukaMaimane, i-SONA yangonyaka odlule yabiza u-R11 million ngakho izwe ngeke likwazi ukumosha imali ukuba uJacob Zuma ethule uhlelo lukahulumeni ekubeni kungacaci ukuthi usazoba ngumengameli isikhathi esingakanani.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...