I-Cosatu ifuna aqedwe ngokushesha ama-e-tolls

2016-10-07 18:01

Cape Town – UMfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, ithi ifuna luhlakazwe ngokushesha uhlelo lwemigwaqo ekhokhelwayo, ama-e-tolls.

NgoLwesihlanu iCosatu ibibambe uchungechunge lwamamashi ezweni lonke nalapho kade imashela khona imisebenzi esezingeni.

Osomabhizinisi, uSipho Pityana kanye no-Whitey Basson bathole okukhulu ukugxekwa kula mamashi.

OLUNYE UDABA: ICosatu ithi iyiwafuni ama-eToll KwaZulu-Natal

Amamashi eCosatu abebanjwe kuzo zonke izifundazwe ezweni.

OnguMgqugquzeli weCosatu, eLimpompo, uLouisa Nxumalo, uthi isifunda sabo “sibe nemashi ebe yimpumelelo kakhulu namalungu alinganiselwa ku-3000” abebambe iqhaza.

“Sinikezele ngohlu lwezikhalo, sifuna kuqedwe ama-labour broker, ukuqalwa kwe-minimum wage, ukuhlakazwa ngokuphelele kwama e-tolls kanye nokuqaliswa ngokushesha kwe-National Health Insurance (NHI). 

IMIFANEKISO:

 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...