I-CEO yakwaVodacom ithembisa u-500MB wamahhala kwabadlelwe ama-data

2017-08-23 20:43

Johannesburg – I-CEO yakwaVodacom, uShameel Joosub, ngoLwesithathu uthe lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana sizonikeza wonke amakhasimende awo athintekile ngokudlelwa ama-data kungafanele, u-500MB  wama-data ngaphezulu kokukhokhelwa ama-data abedlekile.

“Leli phutha ngokucacile lidale ukuphazamiseka kumakhasimende ethu futhi sesisebenze kanzima selokhu silitholile ukwenza okufanele kanye  nokukhokhela wonke amakhasimende athintekile. Kodwa besifuna ukuqhubeka ngelinye igxathu ukuxolisa kanye nokubonga amakhasimende ethu ngokwethembeka kwawo, ngakho sesithathe isinqumo sokunikeza ikhasimende nekhasimende elithintekile ama-data angu-500MB amahhala angawasebenzisa ezinsukwini ezintathu,” uJoosub usho kanjalo esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Uthola usizo ngapha nangapha ophuthwe yi-bursary egilwa uVodacom

“Iphutha eliwulolu hlobo alikaze lenzeka ngaphambilini futhi sesithathe izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi alenzeki futhi. Singathanda ukuqinisekisa wonke amakhasimende ethu ukuthi leli bekuyiphutha nje ngesikhathi kushintsha izinhlelo futhi akukho okungaphezu kwalokho. Sikholwa ukuthi amakhasimende ethu azowamukela lo mnyakazo, kanye nesixoliso sethu,” wengeze kanjalo.

UVodacom uthi inkinga yobuxhakaxhaka edle ama-data kumakhasimende awo amaningi ngoMsombuluko, idalwe ukuhlelwa kabusha kobuchwepheshe bale nkampani bokukhokhisa amakhasimende. 

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...