I-BLF yeseke 'umbhikisho' wabafundi eThekwini

2017-08-29 07:03

Durban - Sekuvele ukuthi amalungu eBlack First Land First azifikele mathupha esikoleni iGeorge Campbell School of Technology eThekwini lapho okuphinde kwaphazamiseka khona ukufunda.

Abafundi bebebhikisha emasontweni amabili adlule mayelana nezinsolo zokucwaswa ngokwebala kulesi sikole.

Namuhla ekuseni, abafundi abangathokozile ngokumiswa komunye umfundi osolwa ngokuhlela imibhikisho yakamuva baphazamise ukufunda.

OLUNYE UDABA:Kumiswe othisha abasolwa ngokucwasa ngokwebala abafundi eThekwini

Amaphoyisa athi amathayi avuthayo abephoswa ngale kothango efakwa emagcekeni esikole kanti futhi kuboshwe abafundi ababili ngemuva kokutholakala nophethiloli.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uKwazi Mthethwa, uthe amaphoyisa kudingeke ukuba asize ngokubuyisela isimo esimeni.

"Kuneqembu elitshengise intshisekelo elibizwa nge-BLF eleseke abafundi abebebhikisha esikoleni. Esikwenzile ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa ayalihlakaza iqulu.

"Ngingakuqinisekisa nokuthi ukufunda nokufundisa kuqhubekile, konke kuhamba kahle," esho.

UMthethwa uthe kumiswe nothisha abaili esikoleni njengoba kusaphenywa izinsolo zokucwasa ngokwebala.

 - Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...