I-ANCYL nayo ifuna uManana esule esikhundleni sakhe

2017-08-12 12:01

Johannesburg - I-African National Congress Youth League (ANCYL) eNorth West, isijoyine ezinye izinhlangano ezifuna ukuthi iSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana lisule esikhundleni sakhe.

Lokhu kuhlobene  nezinsolo zokushaya abantu besigfazane ababili ekilabhini eseGoli ngempelasonto edlule.

OLUNYE UDABA:'Kuzomele aphendule uManana ngokungezi ePhalamende kuvotwa'

UManana uvele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesine, ngamacala amabili okushaya.

UManana udedelwe ngebheyili yemali engu-R5 000 kanti kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-13 Septhemba.

UTshiamo Tsotetsi okhulumela i-ANC Youth League, uthe: "I-ANCYL eNorth West ifuna uManana esule esikhundleni sakhe njengeSekela likaNgqongqoshe nelungu lePhalamende. Sikuqaphelile futhi siyabonga ukuthi uxolisile emphakathini ngokuziphatha kwakhe budlabha. Kodwa asivumi ukwamukela ukuthi ilungu le-ANC elimele umphakathi ukuthi lingacabanga ukuthi ukuxolisa kungashabalalisa umonakalo."

 - SABC








- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...