I-ANCYL ishayele uMkhwebane ihlombe ngombiko wakhe ngo-Absa

2017-06-20 11:01

Johannesburg – I-ANCYL ithi ijabule kakhulu ngombiko wokugcina kaMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane mayelana nemali engu-R1.125 billion iSouth African Reserve Bank eyatakula ngayo iBankorp.

Umbiko kaMkhwebane uphinde wathi ukutakulwa kwaleli bhange eselathathwa u-Absa kwakuphambene nomthetho, ngakho kumele ibuyiswe imali.

Lokhu kumayelanana nemali i-SARB eyasiza ngayo iBankorp phakathi kuka-1985 no-1995.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta bazondelwa ukuba ngamaNdiya

U-Absa wathatha izintambo noma wathenga iBankorp ngo-Ephreli ngo-1992.

I-ANCYL ithi kuyaziwa ukuthi bangabokuqala abacela ukuba u-Absa ukhokhe imali ngokuthi babambe imashi ebheke ekomkhulu lebhange.

“Sizofuna ukuba le mali isetshenziselwe ezemfundo. Namhlanje umlando uvune thina,” kusho okhulumela i-ANCYL uMlondi Mkhize.

Nokho ibhange ngodla lithi lolu daba lizoludlulisela enkantolo njengoba uMkhwebane enze isinqumo esingekho "semthethweni".


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...