I-ANCYL ifuna abasebenzi baqale ku-R5 000 ukuhola

2016-11-22 12:30

Johannesburg – Uphiko lwentsha lwe-African National Congress (ANCYL) luthi nakuba luwamukela umqondo wokuba kube nemali okungavunyelwe abasebenzi bahole ngaphansi kwayo, aliyizwa kahle eka-R3 500.

I-ANCYL iphakamisa ukuba le mali iqale ku-R5 000 kanti isinxuse ukuba kwenziwe ucwaningo ngezimo abaphila ngaphansi kwazo abahola kancane, okubalwa kubona abasizi basezindlini kanye nonogada.

Ithi kule mikhakha kugcwele iningi lentsha, ekuyiyona enakekela imindeni yayo.

OLUNYE UDABA: 'UNkulunkulu owangiyalela iDoom'

Lolu phiko lwentsha lufuna kuqinisekiswe futhi ukuthi abekho abasebenzi abazodilizwa ngenxa yalo mthetho.

Khonamanjalo, iDemocratic Alliance (DA) yona icele uhulumeni ukuba kwenziwe imithetho ezohlukanisa ngemikhakha ngokuholelwa kwabasebenzi, kungabi umthetho obophezela yonke imikhakha ezweni.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...