I-ANCYL eFree State ifuna uDlamini-Zuma abengumengameli

2017-04-15 14:13

Johannesburg - UPhiko lweNtsha ye-ANC eFree State luthi i-ANC kanye nabantu baseNingizimu Afrika bakulungele ukuba nomengameli wesifazane.

Okhulumela uphiko lwentsha uSello Peterson uthi nakuba i-ANC ingakaluqalisi uhlelo lokukhetha ozoba ngumengameli, bazokweseka uNkosazana Dlamini-Zuma ekubeni ngumengameli engqungqutheleni yeqembu ezoba ngoDisemba.

"Njengophiko lwentsha eFree State sikholelwa ukuthi ukufanele ukuba ngumengameli.”

OLUNYE UDABA: I-ANCYL eKZN iyala ukuxolisa

"Ngeke sinanaze ukweseka uNkosazana uma sesifika isikhathi lapho i-ANC izobe siqalisa khona uhlelo lokuphakamisa amagama.”

Ngasekuqaleni konyaka i-African National Congress (ANC) KwaZulu Natal yaxwayisa izinhlaka zayo ngokuqalisa uhlelo lokuphakamisa amagama isikhathi singakafiki.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...