I-ANC yathola iminikelo evela kwabakwaGupta - Mkhize

2017-08-17 11:01

Cape Town – UMgcinimafa Jikelele we-ANC, uZweli Mkhize, uvumile ukuthi leli qembu lathola iminikelo evela kwabakwaGupta.

UMkhize ubethula uhlangothi lwe-ANC mayelana nokuxhaswa ngemali kweqembu ekomitini lasePhalamende eliphenya lolu daba ngesikhathi uMarshall Dlamini we-EFF ethi abakwaGupta yibona abakhokhela izindleko zengqungquthela ye-ANC yangonyaka ka-2012 eyayiseMangaung. UDlamini uye wamkhumbuza ukuthi kuyicala ukuqamba amanga ePhalamende.

“Ngabe abakwaGupta banikela (kwi-ANC)? Yebo, banikela,” uMkhize usho kanjalo. “Ngabe banikela kwiDA? Yebo, banikela.”

OLUNYE UDABA:UZikalala ushiye angalazi kuCele ngokugxeka uZuma

Akazange aphendule ngokuqondile esitatimendeni sikaDlamini mayelana nengqungquthela. 

Ngokuhamba kwesikhathi uMkhize uthe “inani elincane, elingatheni eleza kwi-ANC”.

“Akekho onikelayo oyedwa ongathi ulawula i-ANC,” usho kanje.

“Angeke siwamukele umnikelo esingeke siwamukele esidlangalaleni.”

“Angazi ukuthi kungani i-ANC iza ePhalamende bese ithi kumele sinikeze enye imali osopolitiki,” uDlamini usho kanjalo.

UMkhize ube esephundula ngokuthi, “Akukho mayelana nokuthatha imali bese uyinika osopolitiki, kumayelana nokweseka intando yeningi.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...