I-ANC ngeke isakwazi ukungibeka amacala - Makhosi Khoza

2017-09-12 16:00

Durban - Ilungu le-ANC ePhalamende uMakhosi Khoza ukholwa wukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngeke busakwazi ukumthathela izinyathelo, kubika iHuffington Post.

Lokhu kulandela isinqumo seJaji uJerome Mnguni onqume ukuthi ingqungquthela ye-ANC eKZN yango-2015 yaqhubeka ngokungekho emthethweni.

"Ngiyasamukela isinqumo senkantolo kodwa ngisafuna ukuhlala phansi ngilucabangisise kahle lolu daba nethimba labameli bami. Kukaningi ngisho ukuthi lobu buholi abukho emthethweni," kusho uKhoza.

OLUNYE UDABA:I-ANC eKZN ifuna athathelwe izinyathelo uMakhosi Khoza

"Kusukela kwasekuqaleni, ngangisho ngithi uKhongolose wase-KZN awukazilungisi izinkinga zawo. Ngicabanga ukuthi kumele bazinuke amakhwapha ngaphambi kokubeka mina amacala," kuqhubeka yena.

Isigungu esiphezulu ku-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal sicabanga ukudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esithi imiphumela yenkomfa yango-2015 ibingekho emthethweni.

UKhoza wazidalela amazinyo abushelelezi kuKhongolose kulandela ukuphumela obala athi akabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...