I-ANC nesivumelwano sobuholi esizogwema ukuhlukana phakathi

2017-07-04 09:30

Cape Town – Izikhulu eziphezulu ze-African National Congress (ANC) zizama ukuphusha iqembu ukuthi lifinyelele esivumelwaneni mayelana nokuthi ubani ozothatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma njengomholi walo ngoDisemba, ukugwema ukuhlubuka kwamanye amalungu nokungaholela ekutheni lilahlekelwe amandla.

Ukungaboni ngaso linye phakathi kwabalandeli babaholi ababili abathathwa njengaphambili embangweni wesikhundla sobumengameli, uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa kanye noNkosazana Dlamini-Zuma, owayengunkosikazi kaMengameli, kungase kuholele ekutheni abalandeli bomholi ozohlulwa okhethweni balaxaze iqembu njengoba kwenzeka eminyekeni eyishumi ngaphambilini ngesikhathi uZuma ehlula uThabo Mbeki kwesokuba nguMengameli weqembu.

Amalungu eqembu ahlubuka abe esesungula iCongress of the People, neyagcina ithole u-7% wamavoti okhethweni lwango-2009, kwathi ngemuva kweminyaka emithathu, kwasungulwa i-Economic Freedom Fighters, nokuyiqembu lesithathu ngobukhulu – nalo elasungulwa ngabaholi abahlubuka ku-ANC.

OLUNYE UDABA: Ufakwe amasondo umsakazi obize uMengameli Zuma ‘ngomkhovu’

“Sikhathazekile ngokwehla kancane kancane kwe-ANC futhi sikholwa ukuthi ngokubumbana sizokwazi ukusimisa leso simo,” kusho uSihle Zikalala, uSihlalo we-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal, ngesikhathi enengxoxo lapho kuqhubeka khona ingqungquthela ye-ANC eGoli.

“Uma kunemibono eqinile ngoNkosazana kanye noCyril, kumele sithole indlela yokuqinisekisa ukuthi wonke ama-comrades analeyo mibono ayabhekeleleka.”

Kodwa-ke umhlaziyi wezepolitiki e-University of Pretoria’s Centre of Governance Innovation, uMpumelelo Mkhabela, uthi noma ngabe i-ANC iyavuma ukufaka uRamaphosa kanye noDlamini-Zuma ezinhlakeni zayo eziphezulu, kodwa mancane amathuba okuthi omunye wabo avume ukuthatha indawo yesibili.

“Ayikho indlela yokuba nohlangothi olulodwa,” usho kanjalo engxoxweni lapho kuqhubeka khona ingqungquthela.

“Izinto ezihlukanisa lezi zinhlangothi zinkulu kakhulu.”

- Bloomberg

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...