I-ANC izobamba isithangami sabezindaba ngolukaZuma namuhla

2018-02-13 09:32

Johannesburg - Inhlangano i-African National Congress (ANC) kulindeleke ukuba ibambe isithangami nabezindaba ngoLwesibili ntambama kulandela umhlangano we-National Executive Committee (NEC) ngoMsombuluko othathe amahora angu-13.

Lesi sithangami sizoba ngezithuba zabo-14:00 namuhla ntambama.

Abezindaba ze-SABC bathole ukuthi abaholi benhlangano banike uMengameli Jacob Zuma amahora angu-48 ukuba asule esikhundleni sakhe noma agudluzwe.

Ngaphambilini ngoMsombuluko, uMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa noNobhala Jikelele u-Ace Magashule kubonakale izimoto zabo zilandelana ziyongena emagcekeni alapho okuhlala khona uZuma ePitoli beyomnxenxa ukuba asule esikhundleni.

OLUNYE UDABA:Amaqembu aphikisayo afuna kuhlakazwe iPhalamende, kuyiwe okhethweni

Kuphele amahora kungatholakali mininingwane ngomhlangano wangoMsombuluko obekulindelwe kuwo ukuba kukhishwe isinqumo ngekusasa likaMengameli wakuleli uZuma kanti lesi sicelo senhlangano sokuba ehle esihlalweni, useke wasinqaba.

URamaphosa, oyiSekela likaMengameli, wathatha izintambo njengomengameli we-ANC engqungqutheleni kaKhongolose ngoDisemba.

Umhlangano obubanjelwe eSaint Georges Hotel, e-Irene, uphele entathakusa ngoLwesibili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...