I-ANC iyasamukela isinqumo se-Icasa ngeSABC

2016-07-12 14:34

Johannesburg - Unobhala jikelele we-African National Congress (ANC) uGwede Mantashe uthi ikomidi eliphezulu leqembu liyasamukela isinqumo se-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) nge-SABC.

Esithangamini sabezindaba ebesiseSandton ngoMsombuluko, i-Icasa iyalele ukuba iSAB ihoxise isinqumo sayo sokungasakazi imibhikisho enodlame, kubika iSABC.

Funda nalolu daba: Intombazane 'izibulele' kufa umlingisi kwi-sopie 

I-SABC ithi izosiphonsela inselelo lesi sinqumo se-Icasa. UMantashe ekhuluma nabezindaba eLuthuli House eGoli, uthe: “INational Working Committee isagcizela amazwi ekomidi lezokuxhumana okuthi ayihambisani nokuhlungwa kwezindaba okwenzeka eSABC.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...