I-ANC isikhethe umholi omusha e-Eastern Cape

2017-10-01 14:47

East London – U-Oscar Mabuyane useqokwe njengosihlalo we-ANC e-Eastern Cape ngemuva kokuwina ngamalengiso ngesikhathi kuvotwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ebiphelezelwa yizigameko zodlame oludalwa ukwahlukana phakathi.

UMayibuyane uthole amavoti angu-931, kwathi lowo ophuma esikhundleni, uPhumulo Masualle, wathola ayisikhombisa nje kuphela.

UMlungisi Mvoko unqobe ngamavoti angu-935 kwesokuba yiphini likasihlalo. ULulama Ngcukaitobi uqokelwe kwesokuba ngunobhala, uHelen Sauls-August kwesokuba yiphini likanobhaka kanti uBabalo Madikizela yena ukhethelwe kwesokuba ngumgcinimafa.

Ngesikhathi sokuphakanyiswa kwamagama ikhomishini yokhetho ithe nakuba abanye bebengekho, kodwa abantu bebanele ukuba ingqungquthela ingaqhubeka – njengokusho komthethosisekelo we-ANC.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe namaphoyisa kwesokubamba inkunzi

Kumenyezelwe ukuthi bebengu-951 abantu ebebesengqungqutheleni ngesikhathi kuphakanyiswa amagama nangesikhathi sekuvotwa.

NgoMgqibelo ebusuku kuqhume ama-stun grenade ngaphandle kwendawo obekubanjelwe kuyona ingqungquthela, ngesikhathi kuhilizisana amalungu angaboni ngasolinye e-ANC kulesi sifundazweni.

NgeSonto ekuseni futhi kubekhona ukuhilizisana okushiye abantu abangu-8 belimele.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...