I-ANC iphezu komkhankaso wokuwina izinhliziyo zabantu - Ramaphosa

2018-01-09 12:30

East London – UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uthi iqembu elibusayo lifuna ukuphinde lithandwe ngabantu baseNingizimu Afrika.

Ngesikhathi kuqala imigubho yeminyaka engu-106 kwasungulwa le nhlangano ebusayo e-East London esifundazweni i-Eastern Cape ngaphambi komcimbi omkhulu owaziwa nge-January 8 statement ozoba ngoMgqibelo -- uRamaphosa uvumile ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika sebelahlekelwe ukuyethemba le nhlangano.

OLUNYE UDABAI-MKMVA ithi uZuma akumele akhishwe esikhundleni

“Sidinga i-African National Congress ukuba iphinde ithandwe futhi ngabantu bethu ukuze sibuyelwe wudumo lwethu lokuba ngabaholi bomphakathi.

"Izwe lethu alinamholi uma ingekho i-African National Congress. Izwe lethu lilambele ubuholi be-ANC.”

URamaphosa uthe inkohlakalo iyona mbangela enkulu ekutheni abantu baseNingizimu Afrika bayijikele i-ANC, wathi inhlangano izoqhubeka nokubhekana nezikhulu ezinenkohlakalo.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...