Kulindeleke ukuba kumenyezelwe isinqumo ngolukaZuma

2018-02-13 07:12

Johannesburg - Kulandela umhlangano othathe amahora angu-13, i-African National Congress National Executive Committee (ANC NEC) iqoke ukuba ikhiphe uMengameli Jacob Zuma e-Union Buildings.

Amalungu e-NEC aqale umhlangano wawo e-Irene ngezithuba zabo-14:00 ngoMsombuluko ntambama, kulandela isikhathi eside kuqhubeka izingxoxo phakathi kukaMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa noZuma.

Umhlangano ophuthumayo wangesonto eledlule wahlehliswa ngemuva kwesimemezelo sikaSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete sokuhlehliswa kwenkulumo ebhekiswe esizweni, iState of the Nation Address(Sona), okwakumele yethulwe ngoLwesine olwedule.

OLUNYE UDABA:Amaqembu aphikisayo afuna kuhlakazwe iPhalamende, kuyiwe okhethweni

Abezindaba i-EWN bathi ngesikhathi uRamaphosa noNobhala Jikelele u-Ace Magashule batshela uZuma ukuthi i-NEC ifuna ukuba esule esikhundleni sakhe noma uzosuswa kuso, wabatshela ukuthi abenze "abakubonayo".

I-NEC yabe isihlala phansi ibonisana yaze yaphuma nesinqumo sokuba imgudluze.

Imithombo ekwi-NEC itshele abe-EWN ukuthi uZuma wacela ukuhlala ehhovisi ezinye izinyanga ezimbalwa ukuze ezohambela umhlangano we-African Union nengqungquthela yeBrics (Brazil, Russia, Inida, China and South Africa).

Bathi abaholi benhlangano sebethathe isinqumo sokuthi uRamaphosa afungiswe njengoMengameli wezwe.

Akukaziwa ukuthi inhlangano izosimemezela nini isinqumo sayo.

 - Twitter:



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...