I-ANC igxeka ukudunwa kwemoto kukaSekela Ngqongqoshe

2017-05-24 18:00

Cape Town – Iqembu i-African National Congress (ANC) ePhalamende seligxeke ukudunwa kweLungu lalo lePhalamende eliphinde libe nguSekela Ngqongqoshe wezobuLungiswa, uThabang Makwetla, kuleli sonto.

“Njenge-ANC ePhalamende sizwakalisa ukududuza kwethu okukhulu ku-comrade Makwetla kulandela lesi sehlakalo esithusayo kakhulu,” uSotshwebhu we-ANC, uJackson Mthembu, usho kanjalo ngoLwesibili.

“Kodwa-ke, siduduzekile ngeqiniso lokuthi ubuye engenamyocu. UComrade Makwetla usekuqinisekisile ukuthi akathintekanga emzimbeni futhi usalokhu enomdlandla ophezulu. Ubuyele emsebenzini namuhla ekuseni.”

UMthembu unxuse amalungu omphakathi angase abe nolwazi lwalobu bugebengu ukuthi abikele amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kubanjwa izigebengu oqotsheni zilayisha ama-TV elolini

UMakwetla wayesendleleni eya esibhedlela uyovakashela isiguli esibhedlela esinakekela abaphazamiseke ngokomqondo, iLife Riverfield Lodge, eGoli, ngeSonto, ngokusho komkhulumelayo, uNtime Skhosana.

Kubikwa ukuthi uSekela Ngqongqoshe wahlaselwa abalisa abane ababezifihle ubuso ngezikhathi zabo:19:30 ebusuku.

“Bamkhomba ngesibhamu, bamgxavuna base bathatha onogada ababili esibhedlela.”

Kuthiwa wabe esephoqwa ukuba angene ngemuva emotweni yakhe, alale abheke phansi. Onogada baphoqwa ukuba bangene ebhuthini.

Babe sebehamba naye ngemoto nalapho babe sebemfuna amakhadi asebhange kanye nomakhalekhukhwini wakhe.

Kuthiwa babe sebemusa emshinini wokukhipha imali oseduzane, nalapho babe sebekhipha khona imali maqede babehlisa endleleni.

Kuthiwa baze basizwa umuntu owayepake eduze komgwaqo ngenxa yokuthi imoto yakhe yayiphelelwe uphethiloli, nowabe esebaboleka ucingo lwakhe ukuze bafone ngalo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...