I-ANC ifuna ukukhipha uZuma, bese ikhetha umengameli omusha kusasa

2018-02-14 14:01

Durban - Ngemuva komhlangano wekhokhasi ye-ANC ePhalamende ngoLwesithathu, uSotswebhu uJackson Mthembu kanye noMgcinimafa uPaul Mashatile babambe isithangami sabezindaba ukudlulisa izinqumo ezithathwe kulo mhlangano.

Kubukeka limshonela uMengameli Jacob Zuma njengoba i-ANC ePhalamende inqume ukumgudluza ngevoti ngoLwesine uma engazisuleli ngokwakhe namhlanje - njengokomnqamulajuqu abambekele wona.

"I-ANC iveze ukuthi ingathanda ukufungisa umengameli omusha ngoLwesihlanu," kusho uMashatile.

Uthe asikho isidingo sokuqophisana ngokuthi ngubani okumele abe ngumengameli ngoba bona bazimisele ngokufaka uCyril Ramaphosa kulesi sikhundla.

Uqhube ngokuthi uma uZuma esula namhlanje lokho kuyosho ukuthi izwe lizovuka lingenaye umengameli, okuchaza ukuthi ngeke sibe khona isidingo sokuvotela ukumketula ePhalamende.

OLUNYE UDABA: I-ANC inqume ukuketula uZuma

"Esikushoyo nje wukuthi ngeke simlinde, thina siyaqhubeka nezinhlelo.

"Sesifuna ukudlula manje kulezi zingqinamba esibhekene nazo senze izinto ezithinta ngqo abantu bezwe. Sakhe umnotho ngokuthi sidale amathuba omsebenzi, sihehe abatshalizimali siphinde siqede nya ngenkohlakalo," esho.

UMthembu unanele ngokuthi uma uRamaphosa efungiswa njengomengameli kusasa, inkulumo ebhekiswe esizweni ingethulwa ngisho nangoLwesihlanu.

UMthembu uthe wonke amaqembu avumelana ngokuthi uZuma kumele ehle esikhundleni. "Wonke amaqembu ezombusazwe ayavumelana, ngisho ne-ANC imbala imfuna ehambile uZuma."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...