I-ANC ichithe imibiko ngokumiswa kukaMantashe

2017-11-14 16:01

Johannesburg – Unobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uyayichitha imibiko yokumiswa kwakhe kulesi sikhundla.

Imithombo engaphakathi ithe uFikile Mbalula unikezwe umsebenzi wokuba ahole ithimba elizobhekisisa udaba lukaMantashe, kanjalo nezinkinga zase-Eastern Cape.

UMantashe usohlwini lwabantu abamenyezelwa nguCyril Ramaphosa abazoba sezikhundleni zobuholi kule nhlangano, uma ekhethelwa kwesokuba umengameli.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha ababambe imoto yemali eLimpopo

NgoMsombulo, imithombo ibike ukuthi emhlanganweni we-NEC kudingidwe ngodaba lokugudluzwa kukaMantashe.     

I-ANC iyayiphika le mibiko, ithi kuhloswe ngayo ukudala uqhekeko enhlanganweni ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

UMantashe ohlelweni iSpecial Assignment uthe lezi zindaba zingamampunge.  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...