I-ANC ibize umhlangano oyisipesheli weKhokhasi

2018-02-13 14:00

Cape Town – I-ANC ePhalamende izobamba umhlangano oyisipesheli wekhokhasi ngo-10:00 ekuseni ngoLwesithathu, okuwumhlangano ozolandela omunye oyisipesheli wosotshwebhu bezinhlangano ngo-08:00.

NgoLwesibili, uSihlalo wePhalamende uCedrick Florick ukhiphe umyalelo wokuthi yonke imihlangano yamakomidi ebihlelelwe uLwesithathu ekuseni ibanjwe ntambama.

Kayikho imininingwane edaluliwe ngalezi zinguquko.

OLUNYE UDABAUMbete uxoxisana nezinhlaka ezehlukene ngezimfuno zamaqembu aphikisayo

Lezi zinguquko zenziwe ngesikhathi kusalindwe isimemezelo ngekusasa likaMengameli Jacob Zuma. 

I-ANC izobamba isithangami sabezindaba ngo-14:00 ngoLwesibili nokuyilapho kulindeleke khona ukuba idalule isinqumo sesigungu esiphezulu se-ANC ngoZuma.

Khonamanjalo, i-EFF icele uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete ukuba asondeze usuku okuzodingidwa ngalo isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma, esihlelelwe uFebhuwari 22.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthe uMbete useyiphendulile i-EFF. "USomlomo uyitshelile i-EFF ukuthi usacubungula isicelo kanti futhi usaxhumana nezinhlaka ezithintekayo kulolu daba."

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 13-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...