I-ANC eMpumalanga igxeke uPhosa ngezinsolo zakhe ngoMabuza

2017-12-06 14:02

Johannesbur - I-ANC eMpumalanga igxeke uMathews Phosa ngemuva kokusola uNdunankulu uDavid Mabuza ngokusebenzisana nabantu abasabisa amalungu amagatsha e-ANC esifundazweni.

“Ikomidi eliphezulu le-ANC esifundazweni (PEC) lishaqekile ngalezi zinsolo zikaMathews Phosa eziqondiswe kuSihlalo we-ANC esifundazweni, u-Cde DD Mabuza‚ kanye ne-ANC yonyakana,” kusho ubuholi be-ANC esitatimendeni.

“Lezi zinsolo zikaPhosa sizibona njengemizamo yokufukula umkhankaso wokuba ngumengameli owafa ngaphambi kokuba uqale.”

OLUNYE UDABA: Lilimele iphoyisa elidutshulwe ebusuku ngoLwesibili

UPhosa utshele i-eNCA ngoLwesibili ukuthi uMabuza usebenzisana nabesilisa abesabisa amalungu amagatsha e-ANC ukuze engeke abambe imihlangano "yokuphakamisa amagama".

Ukusho lokhu ngemuva kwe-video eveza abesilisa bephethe izibhamu bedubula emoyeni.

UPhosa uthe kunamalungu e-ANC awazela eNelspruit naseBarberton, abonakala kwi-video.

UMabuza uziphikile zonke lezi zinsolo, kubika i-eNCA.

- Sowetan Live

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...