I-ANC eKZN ithi izosiphikisa isinqumo senkantolo

2017-09-13 09:32

Johannesburg – Inhlangano ye-ANC KwaZulu-Natal izofaka isicelo sokudlulisela phambili isinqumo senkantolo echithe ingqungquthela yango-2015.

INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal ngoLwesibili ithe ingqungquthela yokukhetha ubuholi , okwanqoba kuyona uSihle Zikalala  njengosihlalo we-ANC esifundazweni, ayikho semthethweni.

OLUNYE UDABA: 'Abaholi be-ANC eKZN kumele bashenxe ngokushesha'

USihle Zikalala wanqoba ukhetho, wehlula uSenzo Mchunu, owabe esekhishwa esikhundleni sakhe njengoNdunankulu wesifundazwe ngokuhamba kwesikhathi.

Isimangalo safakwa enkantolo ngamanye amalungu e-ANC ayekholelwa ukuthi kunezinto ezingalandelwanga ngesikhathi kunengqungquthela nokuthi kwaba nokukhwabaniswa kwamavoti.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...