I-ANC eKZN isibeke ngokusemthethweni amacala uMakhosi Khoza

2017-07-26 12:33

Durban – Ilungu lePhalamende le-ANC, uMakhosi Khoza, usekuqinisekisile ukuthi i-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal isimbeke amacala, kubika iHuffPostSA.

UKhoza utshele iHuffPost SA ngoLwesithathu ukuthi iProvincial Executive Committee (PEC) ye-ANC kulesi sifundazwe isimnikile uhlu lwamacala abekwe wona.

La macala ahlobene nokungaziphathi kahle.

OLUNYE UDABA:I-ANC eKZN ichitha isiphakamiso sikaZuma ngamaSekela amabili

UKhoza uthi lokhu bakufake nasembhalweni wakuFacebook.

Ngesonto eledlule, leli qembu lamemezela ukuthi lizobeka uKhoza amacala ngokuphawula kwakhe esidlangalaleli ehlaba ikhwelo lokuba uMengameli wezwe, uJacob Zuma, ehle esikhundleni.

Ukuphumela obala kukaKhoza ekhuluma ngezinkinga ze-ANC sekuholele ekutheni asongelwe ngokubulawa kanye namanye amalungu omndeni wakhe.

UKhoza unqabile ukuphawula ngala macala abekwe wona. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...