I-ANC eGauteng iphakamise igama likaRamaphosa kwesokuhola inhlangano

2017-10-21 14:30

Johannesburg – Ikomidi eliphezulu le-ANC esifundazweni iGauteng selithumelele izifunda incwadi eshoyo ukuthi liphakamisa iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa kuphela kwesokuba ngumengameli wenhlangano.

Ezinye izifundazwe eseziphakamise igama likaRamaphosa yiNorthern Cape ne-Eastern Cape.

Isifundazwe iGauteng siphinde saphakamisa amagama alabo abafuna bathole izikhundla kwi-National Office Bearer, okubalwa kubona uLindiwe Sisulu noNkosazana Dlamini-Zuma.

OLUNYE UDABA: UMaimane uthi uselulangazelele usuku lokuthethwa kwamacala kaZuma

Isifundazwe siphinde sathi kusazodingidwa kabanzi ngezikhundla abazongena kuzona labo amagama abo aphakanyisiwe.

Kuleli sonto, kulandela izinguquko ezenziwe nguMengameli Jacob Zuma kwiKhabhinethi lakhe, uRamaphosa uthe uma uMengameli efisa ukumsusa esikhundleni, uzosihlonipha leso sinqumo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...