I-ANC e-WC ifuna uZuma asungule ikhomishini ezophenya uhulumeni wesifundazwe ngolwamanzi

2018-01-19 09:34

Cape Town – I-ANC eWestern Cape ngoLwesine ithe izocela uMengameli Jacob Zuma asungule ikhomishini ezophenya ukuthi ngabe uhulumeni waseWestern Cape nedolobha laseKapa bazishaya indiva ngamabomu yini izexwayiso ngokushoda kwamanzi.

"I-DA kumele ikwamukele ukugxekwa ngokulaxaza idolobha ezinkingeni ezinomthelela ongemuhle kubantu abakhile kulona, ikakhulukazi abahluphekayo, okuzoba nzima kubona ukuba bayokha amanzi ezindaweni ezifanele uma sekufika i-Day Zero,” kusho unobhala we-ANC eWestern Cape uFaiez Jacobs esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kulimale abangu-8 nezimoto kuwa ibhilidi eKZN

"Lo mbango okhona kwi-DA unomthelela ongemuhle kwizakhamuzi. Ukususa amehlo ayo kuhulumeni kwenze ukuba zingalethwa izidingo zabantu, kwaholela nasenkingeni yamanzi.”

IMeya yaseKapa uPatricia De Lille ngoLwesine ithe abantu baseKapa uma behluleka ukonga amanzi, idolobha lizofinyelela kwi-Day Zero ngo-Ephreli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...