#GuptaLeaks: UMngxitama we-BLF ‘wayalelwa abakwaGupta ukuthi enzeni’

2017-07-24 09:44

Johannesburg – Umholi weBlack First Land First, u-Andile Mngxitama, akahlangananga nje kuphela nabakwaGupta, kodwa waphinde wathola nomyalelo wokuthi ababhalele (abakwaGupta) ngoMhleli weBizNews, u-Alec Hogg.

Lokhu kuvele kuma-email aputshuka naziwa ngama-#GuptaLeaks nakhombisa ukuthi uMngxitama wahlangana nosebenzela abakwaGupta, uSantosh Choubey, ngoFebhuwari 2016 kanye nokuthi wacela ukuxhaswa ngemali abakwaGupta ngaso lesi sikhathi.

Kodwa-ke uMngxitama uyakuphika ukuthi wake wathola imali kwabakwaGupta yize noma aziwa kakhulu ngokuvikela lo mndeni.

Sekutholakale i-email entsha ekhombisa ukuthi uMngxitama akazange nje agcine ngokuhlangana nabakwaGupta; kodwa empeleni wathola umyalelo ovela kulo mndeni kanye nokuthi kungenzeka ukuthi, okungenani kanye, izinto abezikhuluma bezivela enkampanini eyakha isithombe esihle ngamakilayeni (PR) ezinze eLondon nebisebenzela abakwaGupta, iBell Pottinger, kanye nakubona abakwaGupta uqobo.

Kule nqwaba yama-email aputshuka kunekheli le-email (email address) elithi teammedia2016@gmail.com, nephinde yaziwe ngele-“media profile”. Leli kheli kubukeka sengathi yilona ebelisetshenziswa ngokuhlanganyela yiBell Pottinger, abakwaGupta, abasebenzi okubalwa kubo noChoubey, ukubhunga ngemikhankaso yabo kwabezindaba.

OUNYE UDABA: UNdunankulu uvikele abakwaGupta, uthi ayikho into ewukulawulwa koMbuso

Kukulo kanye leli kheli lapho uMngxitama athunyelelwa khona umyalezo ngomhlaka-11 Mashi 2016.

Le email yayisihloko sithi “Peter Bruce!”  kanti yayine-attachment ngombono owawubhalwe uBruce, noyi-Editor-at-Large ye-Tiso Blackstar. UBruce wayekade ebhale umbono ngencwadi yezomthetho abakwaGupta ababeyithumelele uHogg. UHogg washicilela kwi-website yakhe incwadi eyathunyelwa kuyena yinkampani yaseLondon eyakha isithombe esihle ngamakilayeni, iSchillings.

Le-email ibukeka iwumyalelo wokuthi uMngxitama abhale ngoHogg bese emthumelela imibuzo.

UHogg, kanye noBruce, bangezinye zezintatheli uMngxitama asekubeke kwacaca ukuthi umelene nazo ngoba “zingabacwasi abamhlophe”.

Ngesikhathi efonelwa, uMngxitama uthe akazi ukuthi sikhuluma ngani wabe esecela ukuthi athunyelelwe imibuzo, nokungukuthi ubengakaphenduli kuyona.

ISchillings yinkampani eyaqashwa yi-Oakbay (inkampani yabakwaGupta) ukuze isebenzisane neBell Pottinger. Kubukeka sengathi yayiqashelwe ukuthumela abezindaba izincwadi zezomthetho ngenhloso yokuvimba ukuthi bangabhali kabi ngabakwaGupta.

“Ngale kwaleli tulo, sesixoxe ukugxilisa izikhalazo zethu zezomthetho kwiSunday Times kanye neMail & Guardian, njengoba kuyizephulamthetho ezinkulu. Ngaphezu kwalokho, isikhalazo esiyimpumelelo sezomthetho esibhekene noyedwa noma bobabili kubona sizothumela umyalezo oqinile emazikweni ezindaba eNingizimu Afrika.

Ngesikhathi icelwa ukuba iphawule ngokuvikela kwabo abakwaGupta, iSchillings iphendule ngezincwadi ezimbili “eziyisexwayiso” uma sishicilela udaba.

Funda udaba oluphelele lapha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...