#GuptaLeaks: AbakwaGupta bawukhokhela kanjani umuzi wakwaZuma

2017-08-08 09:47

Cape Town – Ngomhlaka-9 kuFebhuwari 2016 iBell Pottinger yathumela osebenzela abakwaGupta, uSantosh Choubey, umqulu wamaphepha osihloko sithi “Master Q&A”, nokwakuwuhlu lwezimpendulo ezasezilungisiwe ukuthi zizonikwa abezindaba uma bebuza imibuzo.

Empendulweni yombuzo othi “Kungabe abakwaGupta bamsiza unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uBongi Ngema-Zuma, ukuthi akhokhe u-R3.8-million wemalimboleko yendlu?” iBell Pottinger yabhala ukuthi, “Cha. Lolu daba lungamanga ngokuphelele. Umndeni wakwaGupta awukaze ulekelele uBongi Ngema-Zuma noma ngayiphi indlela.”

Kodwa-ke lolu daba lwaluyiqiniso ngokuphelele.

OLUNYE UDADA: #GuptaLeaks: Amadodana kaNdunankulu kuthiwa aphathwa ntofontofo ngamaGupta

Amarekhodi asebhange, amarekhodi okubalwa kwezimali kanye nesabelomali kukhombisa umndeni wakwaGupta kanye noDuduzane Zuma bekhokha imali elinganiselwa ku-R3.4-million wale malimboleko yendlu, ngemuva kokwenza lokho okubukeka njengenkokhelo yokuqala ka-R1.15-million – nokwenza ibe ngaphezudlwana kuka-R4.5-million isiyonke.

Zibonele i-website yama-#GuptaLeaks lapha

Iqhaza lendodana kaMengameli ekusingatheni lezi zinkokhelo likhombisa ukuthi ibingekho nje ebhizinisini nabakwaGupta “ngokwayo”, njengoba ubaba wakhe ake washo, kodwa njengomuntu okuwuyena imali yomndeni wakwaZuma engena ngaye.

Izinsolo ziveza ukuthi unkosikazi kaMengameli – kanye naye uZuma uqobo – bazuza enkohlakalweni eyenziwa isuka eDubai.

IHhovisi likaMengameli, uNgema-Zuma kanye nabakwaGupta abazange bayiphendule imibuzo ethunyelwe kubona ngesonto eledlule.

Le ndlu isendaweni ekhethekile yabadla izambane likapondo eWaterkloof Ridge, neseduze nasePitoli kanye nase-Union Buildings, yathengwa ngo-R5.24-million ngo-Ephreli 2010 yabe isiba yikhaya likaNgema-Zuma.

Umuntu osondelene kakhulu nalolu daba uthi uMengameli wayezihlolela yena mathupha le ndawo ngaphambi kokuba ithengwe. Umakhelwane uthi uhlale evakasha njalo khona.

Amarekhodi okuthengwa kwezindlu akhombisa ukuthi le ndlu yathengwa yiSinqumo Trust, kanti uNgema-Zuma uyi-trustee kuyona.

ISinqumo siqanjwe ngegama lendodana kaMengameli kanye noNgema-Zuma.

Funda udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...