#GuptaEmails: OwakwaGupta usolwa ngokubiza onogada ‘ngezinkawu’

2017-06-02 12:31

Johannesburg – Ngonyaka ka-2012, uTony "Rajesh" Gupta kusolwa ukuthi wabiza onogada basemzini womndeni wakwaGupta oseSaxonwold “ngezinkawu” ngemuva kokuthi bengaphendulanga ebamemeza.

Lezi zinsolo zesigameko sokucwasa ngokwebala zabhalwa phansi esikhalazweni esenziwa enkampanini yonogada i-G4S Security, mayelana nomunye wonogada babo, ngabasebenzi beSahara (inkampani yamaGupta). Le ncwandi yesikhalo iyingxenye yamakhulu ama-email aputshukile athinta lo mndeni wakwaGupta natholwe yiCity Press.

OLUNYE UDABA: #GuptaEmails: Okunye okuvelile emiqulwini eputshukile

Lo nogada, ngokwencwadi, waqokwa njenge-Armed Officer esebenza esangweni ukwenza imisebenzi yokulawula ukungena nokuphuma.

Kodwa-ke, wayehlale efisa ukuba umshayeli.

“Watholakala engekho ezingeni njengomshayeli, ngumphathi wakhe,” i-email isho kanjalo.

Le-email yathi, ngobunye ubusuku, unogada “wayegxile kwezinye izinto” futhi yena, ekanye nomunye unogada owayesemsebenzini, abamuzwanga uTony Gupta ebamemeza ephindelela.

Incwadi ithi uGupta wayefuna ukwazisa onogada ukuthi izivakashi zizofika.

“Lesi sigameko sacasula uMnumzane Tony kakhulu kangangokuthi wababiza ngezinkawu,” incwadi isho kanjalo.

Le ncwadi iqhuba ithi lo nogada uyena owaba yisisusa selesi sigameko, njengoba ayegxile kakhulu engxoxweni eyaphazamisa omunye unogada emsebenzini wakhe, nokuthi akekho kubona owaphendula ngesikhathi uGupta ebamemeza.

Funda udaba oluphelele lapha

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...