Fundisani izingane nge-HIV/Aids, kusho uRamaphosa

2017-12-01 18:01

Cape Town - Njengoba umhlaba ubungaza iWorld Aids Day, sekunxuswe abazali ukuba bafundise izingane zabo ngaleli gciwane kanye nokuthi lidalwa yini.

Ekhuluma emcimbini kahulumeni eMthatha, e-Eastern Cape, lowo oyiSekela likaMengameli kuleli uCyril Ramaphosa uthe abazali nalabo abanakekela izingane kumele bakhulume ngalesi sifo.

URamaphosa unguSihlalo weSouth African National Aids Council (SANAC), kubika i-EWN.

Enkulumweni yakhe uveze ukuthi bangaphezu kuka-19% abantu abane-HIV eNingizimu Afrika, abaphakathi kweminyaka engu-15 no-49 ubudala.

OLUNYE UDABA: 'Ngingamshiya uphathina wami uma ngithola ukuthi une-HIV'

Njengoba kubonakala ukuthi ingxenye enkulu yalezi zibalo yakhiwa yintsha, uRamaphosa uthi kubalulekile ukuba abazali bafundise izingane zabo ngalesi sifo.

Uphinde wagcizelela ngokubaluleka kwemfundo wathi izingane kumele zinake izincwadi zizithibe ocansini, wathi nokho uma amantombazane kwenzekile aqhuzuka endleleni ase eyakhulelwa, kumele avuke azithintithe aphindele esikoleni.

URamaphosa uphinde wakhuluma ngokubaluleka kokusetshenziswa kwamakhondomu.

"Ngiyafisa ukuthi ukusetshenziswa kwamakhondomu kungabukeki njengesonto ngenxa yenkolo. Kuyisifiso sami ukuthi sifike esigabeni lapho kubonakala kuwusiko entsheni ukuthi izivikele ngokusebenzisa amakhondomu," esho.

Uthe kuyisifiso sikahulumeni ukuthi uhlinzeke ngama-ARV wonke umuntu onaleli gciwane.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...