EZINGENAYO: UMengameli waseZimbabwe usekhonjwe indlela

2017-11-19 14:17

eThekwini - Limfiliba ikusasa lezwe laseZimbabwe njengoba uMengameli wezwe esekhonjwe indlela.

Lokhu kulandela umhlangano obubanjwe wuMengameli uQobert Mugabe nobuhuli bombutho wezwe.

Kuthiwa uMugabe usephucwe amatomu wokuhola izwe kanti kukholakala ukuthi azonikezwa lowo ubeyiphini lakhe owaxoshwa emasontweni ambalwa adlule u-Emmerson Mnangagwa.

OLUNYE UDABA:'Uma eba nenkani uMugabe, koshaya iSonto sesimxoshile' -Zanu-PF

Ikomidi le-ZANU-PF nokuyiqembu eliphikisayo futhi okuyilona elicele ukuba agudluzwe esikhundleni uMengameli, lenze isiphakamiso sokuba kubuyiselwe u Mnangagwa ukuze azofungiswa njengebamba likaMengameli.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...