UZuma wenze izinguquko kwiKhabhinethi

2017-10-17 11:01

Johannesburg - Sekumenyezelwe izinguquko kwiKhabhinethi likaMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili.

"Ngemuva kokucabangisisa kahle, ngibe sengithatha isinqumo sokwenza lezi zinguquko ezilandelayo kwiKhabhinethi;"

1.     USolwazi Hlengiwe Mkhize usenguNgqongqoshe weMfundo ePhameke nokuqeqeshwa.

2.     U-Ayanda Dlodlo unguNgqongqoshe wezaseKhaya

3.     UMmamaloko Kubayi uNgqongqoshe wezokuXhumana

4.     UDavid Mahlobo uNgqongqoshe wezaMandla

5.     U-Adv. Bongani Thomas Bongo uNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso.

6.    UButi Manamela yiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuqeqeshwa.

UManamela ungena esikhundleni sikaMduduzi Manana owesula esikhundleni ngemuva kokuthi abekwa icala lokushaya owesifazane endaweni yobumnandi iCubana.

UMengameli uthe uthanda ukubonga labo ebebengamalungu eKhabhinethi ngomsebenzi abawenzile besezikhundleni zabo.

"Ngifisela amalungu amasha azoqala umsebenzi omusha okuhle kodwa," esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...