I-ANC inqume ukuketula uZuma

2018-02-13 14:20

Johannesburg - UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule umemezele ukuthi i-African National Congress ikhethe ukuthatha isinqumo sokufaka uMengameli Jacob Zuma amasondo kulandela ukuthi enqabile ukwehla esikhundleni.

Kulesi sithangami sabezindaba esibanjelwe eLuthuli House ngoLwesibili ntambama, uMagashule uthe bebengakakhulumi ngokuthi kudingidwe eyokungethenjwa kobuholi bukaZuma.

UMagashule uthe manje balindele impendulo kaZuma kulandela ukumhambisela incwadi emazisa ngesinqumo se-NEC.

Uqhube ngokuthi yize bengakakwazi okuningi, kepha i-ANC ifuna kungene uCyril Ramaphosa ezicathulweni zikaZuma.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...