'Eyokucwasa ngokwebala ayingaliwa ngokunye ukucwasa'

2016-01-05 17:01

Cape Town – ISouth African Human Rights Commission isithembise ngokuthi izophenya zonke izikhalazo noma izimangalo ezifakiwe ngokucwasa ngokwebalo, kungakhathalekile ukuthi zifakwe abeliphi ibala.

Lokhu kungemuva kokuba iningi labantu kuFacebook nakuTwitter lithembise ngokuthathela abelungu izinyathelo  ngemuva kokuba uPenny Sparrow efanise abantu abamnyama nezinkawu.

Ekhasini eselisungulwe ngenhloso ‘yokuqeda ngoSparrow’, iningi labantu abamnyama, lifuna kubulawe abelungu ukuze kuphele ukucwasa ngokwebala.

Funda nalolu daba: Ushise umyeni ofike ekhaya engaphethe mali

Abaye babo bathi abagaxwe amathayi ezimoto bashiswe abelungu.

OweSAHRC uDieketseng Diale uthe ukulwa impi yokucwasa ngokwebala ngokunye ukucwasa ngokwebala akusona isisombululo.

Uthe bazophenya ngazo zonke izimangalo ezifakiwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...