Eyesibonelelo sikahulumeni izoholwa ngaphambi kwesikhathi esijwayelekile

2017-11-06 18:01

Johannesburg - ISouth African Social Security Agency (SASSA) ihlele ukukhokhela abantu imali yesibonelelo sikahulumeni ngaphambi kwesikhathi esijwayelekile njengoba kuza isikhathi samaholidi.

NgoMsombuluko i-SASSA ikhiphe isitatimende yazisa bonke abantu abahola imali yesibonelelo sikahulumeni ukuthi bazoqala ukuholelwa ngasekupheleni kwenyanga kaNovemba.

"Umholo kaDisemba wemali yesibonelelo sikahulumeni uzoqala ukutholakala ngoNovemba 28 2017,” kusho isitatimende.

Ngokusho kwe-SASSA, imali izobe isitholakala kuma-ATM nakuzo zonke ezinye izikhungo zokuhola ngomhlaka-28 kwephezulu.

OLUNYE UDABA: Umculi useyifuna ngodli imali 'ayiboleka uphathina wakhe'

Lokhu kuzokwenzeka kuzona zonke izifundazwe ngaphandle kwaseWestern Cape, njengoba khona kuzoqala ngomhlaka-1 Disemba 2017.

Isitatimende siphinde sathi imali izotholakala kuze kube uDisemba 22 kodwa kuzogcina ngomhlaka-15 Disemba 2017 ezikhungweni zakwa-SASSA.

I-SASSA iphinde yakhumbuza abantu ukuba amakhadi abo kanye nama-PIN bakugcine kuphephile, bangakuniki omunye umuntu.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...