Eliqondisa izigwegwe kuPSL lizophenya udaba lokudlala kukaNdoro

2018-02-09 11:08

eThekwini - Ikomidi eliqondisa izigwegwe kuPremier Soccer League lizohlala ngesonto elizayo ukudingida izikhalazo ezifakwe ngamaqembu amabili.

Lokhu kuzokwenziwa ngomhlaka 15 Febhruwari lapho leli komidi lizodingida izikhalazo ezenziwe ngamaqembu iPolokwane City FC kanye ne-Orlando Pirates FC basola ikilaphu i-Ajax Cape Town FC.

Lawa maqembu akhalaza ngokuthi i-Ajax yadlalisa uTendai Ndoro emidlalweni yabo yomibili.

UNdoro wadlala ngesikhathi i-Ajax ibhekene ne-Orlando Pirates ngomhlaka 31 Januwari waphinde wadlala ngesikhathi bebhekene nePolokwane City ngomhlaka 4 Febhruwari 2018.

OLUNYE UDABA:Elase-KZN lithi ngeke lisamsayinisa umdlali waseZim

Leli komidi lizobuye lilalele udaba oluphakathi kukaJonathan Schloss neqembu iBidvest Wits.

USchloss kanye neBidvest Wits babekwe icala lokungaziphathi kahle emdlalweni owawuphakathi kwaleli qembu kanye ne-Kaizer Chiefs ngomhlaka 16 Septhemba 2017.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...