Elidlala 'ehlathini' lisayinise owayengumgadli weChiefs

2017-09-08 11:00

Johannesburg - IRoyal Eagles edlala kwiNational First Division (NFD) iqinisekise izindaba zokuthi isayinise owayengumdlali weKaizer Chiefs neChippa United, uDavid Zulu. 

UZulu uchithe isizini yonke edlule edlala kwiChippa kulandela ukungenzi kahle kwiChiefs eyamthenga ngenhloso yokuba azofaka amagoli.

UJames Dlamini, oyimenenja ye-Eagles, ukuqinisekisile ukuthi basayinise lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala.

OLUNYE UDABA: Amabombo uwabhekise eGibhethe umdlali weWits - Umbiko

“Sisayinise uZulu kule sizini” kusho uDlamini etshela iKickOff.com.

Izinga lebhola likaZulu lilokhu lehle njalo selokhu ajoyina iChiefs ngoJanuwari 2015, kanti ukujoyina iqembu elidlala kwiNFD akumangazi.

Ngesizini edlule wadlala imidlalo engu-12 kuphela kwiChippa, washaya igoli elilodwa vo. 

UZulu, owake wahamba phambili ngamagoli ku-NFD, angase angene athi khaxa ezicathulweni zikaSedwyn George oshiye i-Eagles wayojoyina i-Ajax Cape Town.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...