#DurbanStorm:UNdunankulu e-KZN uzovakashela imindeni elahlekelwe

2017-10-12 08:26

Durban - UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uWillies Mchunu kulindeleke ukuba avakashele imindeni elahlekelwe ngamalungu emindeni kulandela isiphepho esidlule nemiphefumulo engu-11.

NgoLwesithathu, iziphathimandla zesifundazwe zibambe umhlangano mayelana nohlelo lokusiza labo abathintekile kulesi siphepho.

OLUNYE UDABA:Ulinganiselwe emalini engu-R500 million umonakalo odalwe isiphepho e-KZN

Isikhungu sezinhlekelele sisasiqaphile isimo futhi siyaqhubeka nokukhuculula imfucuza nokulungisa umonakalo.

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uthi usamanqika ukusho ezinye izindawo ezithintekile bengakaqedi ukuhlola umonakalo.

Okwamanje, izakhamuzi ezisele dengwane zihlaliswe emahholo emiphakathi njengoba kusalungiswa imigwaqo, imizi nezakhiwo komasipala.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...