#Durbanstorm: Kushone owesifazane owelwe wudonga eThekwini

2017-10-10 14:00

Durban - Sekushone owesifazane osebenza kwaMasipala waseThekwini kulandela isiphepho eBeachfront.

UThembinkosi Ngcobo weParks and Recreation, uthe lo wesifazane ubezama ukuthola indawo yokukhosela ebalekela isimo sezulu ngesikhathi ewelwa wudonga.

"Ngesikhathi lo wesifazane ezama ukuthola indawo azokhosela kuyo ngemuva kodonga olwandle, lube seluwela kuye, ngeshwa washona. Njengamanje sesinqume ukuba kungavunyelwa muntu olwandle," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kunxuswa izakhamuzi zaseThekwini ukuba zihlale emakhaya

UNgcobo uphinde wathi wonke amabhishi edolobha avaliwe.

Umasipala unxusa izakhamuzi nabasebenzi ukuba bahlale ezindlini kuze kube isimo sibangcono.

Okhulumela iMeya yedolobha uMthunzi Gumede uthe zilokhu zingene njalo izingcingo esikhungweni sezinhlekelele.

"Izakhamuzi ziyacelwa ukuba ziqikelele uma zishayela. Kuyingozi kakhulu. Zicelwa nokuthi zishayele esikhungweni sezinhlekele uma zidinga usizo," usho njalo.

 - Newswatch

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...